Umama [A COLORS SHOW]
Angsakhoni ngikhumbul' uMa
Aksavumi ngikhumbul' uMa
Ngikhumbul' uMaAksavumi
Sebethi indoda endala kangaka ikhalel' uMa wayo
Ngithi bafethu ngeke ni understande
Ndod' endala kangaka ikhalel' uMa wayo
Ngithi bafethu ngeke
Yojabula mangfika
Athi uShembe uyaphila
Kulengozi zomgwaqo mntanami ngiyajubula ufika usaphila
Beka iykhwama le emsamo
Land' impepho kaGogo erondweni
Ngiphahle ngikhulume nabadala
Ngibatshele usemagcekeni
Mvula iyana emakhaya
Sesiphelile amakhaza
Mawubuy' eGoli ngicela ungiphathele iheater ngoba ngempela uzongincwaba
Yazi uMa av' unamahlaya
Ngeke ushone ngisak'thanda
K'yoba isbusiso kimi ukuthi ubekhona Ma wami mangishada
Ngoba uyokwazi
Ukungbonisa
Masezingbuyela
Emshadweni
Ngoba uyokwazi
Ukungduduza
Masezingbuyela
Emshadweni
Angsakhoni angsakhoni angsakhoni
Ngikhumbul' uMa ngith' uMa
Angsakhoni angsakhoni ngsakhoni
Ngikhumbul' uMa ngith' uMa
Sebethi indoda endala kangaka ikhalel' uMa wayo
Ngithi bafethu ngeke ni understande
Ndod' endala kangaka ikhalel' uMa wayo
Ngithi bafethu ngeke ni understande
Into engiyithanda ngekhaya
Ukuthi ekhaya akungenwa ngemali (Ngemali)
Noma ngingasebenzi uMama ungithanda ngingenani (ungthanda ngingena lutho)
Noma umhlaba ungangishaya uzongthulisa athi Mntanami ungakhali (ungakhali)
Ubukeka ukhathele awuthi ngilande ukudla Baba hlala phantsi (hlala phantsi)
Angsakhoni angsakhoni angsakhoni
Ngikhumbul' uMa ngth' uMa
Angsakhoni angsakhoni angsakhoni
Ngikhumbul' uMa ngth' uMa
Sebethi indoda endala kangaka ikhalel' uMa wayo
Ngithi bafethu ngeke ni understande
Ndod' endala kangaka ikhalel' uMa wayo
Ngithi bafethu ngeke ni understande
Ngith' uMankabinde
Isalukazi sami uMankabinde
UMa