Umbuso We Ngani (Ukudla)

Bantu bakithi
Mina ngifis'engathi
Ngingabuyela ebuncaneni
Ngoba ngikhalela leyankululeko yobungane

Sengibonile ukuthi
Inkululeko oooh yomuntu
Iya ngokuya incipha
Uma umuntu ekhula

Asithatheni ingan'encane
Ikhululekile ngakho konke ekwenzayo
Noma ikuphi futhi noma kunini

Noma ngab'iyenza okungabukeki kahle
Noma ngabe iyephul'umthetho ooooh
Kayinandaba nokuthi umthetho yini
Kayinandaba nokuthi umbusi yini
Kayinandaba nokuthi lokhu kubi, lokhu kuhle
Kayinandaba futhi kayinaki lutho
Umbuso wayo ukudla

Noma ngab'iyenza okungabukeki kahle
Noma ngabe iyephul'umthetho ooooh
Kayinandaba nokuthi umthetho yini
Kayinandaba nokuthi umbusi yini
Kayinandaba nokuthi lokhu kubi, lokhu kuhle
Kayinandaba futhi kayinaki lutho
Umbuso wayo ukudla

Wissenswertes über das Lied Umbuso We Ngani (Ukudla) von Steve Kekana

Wann wurde das Lied “Umbuso We Ngani (Ukudla)” von Steve Kekana veröffentlicht?
Das Lied Umbuso We Ngani (Ukudla) wurde im Jahr 1981, auf dem Album “Usiko Lwabe Suthu” veröffentlicht.

Beliebteste Lieder von Steve Kekana

Andere Künstler von Soft rock